Zibakhalele abanikazi bebhilidi 'locansi'
2012-03-30 14:09
Durban - Udokotela waseThekwini nonkosikazi wakkhe, abasolwa ngokuba nesandla ekushushumbisweni kwabantu nokubenza izigqila zocansi sebeboshwe ngamaphoyisa aseKZN, kubika iNewswatch.
Udokotela nowakwakhe babanjwe
besehhotela eMhlanga ngoLwesine ebusuku ngemuva kokubuya eholidini eMauritius
ngoLwesibili.
Amaphoyisa athi bangabanikazi
bebhilidi elisePhoyinti, lapho okwatholakala khona amantombazane engu-16 – ayisishiyagalombili
kuwona ayizingane – akhishwa lukeli bhilidi ngoFebhuwari.
Amanye ayishishiyagalombili atholakala kwelinye elihlala abadayisa ngemizimba
elimaphakathi nedolobha.
Incwadi egunyaza ukuboshwa kwalezi zithandani yakhishwa ngasekuqaleni kwale nyanga
kanti yayibayalela ukuba bazinikele emaphoyiseni uma sebebuyele eNingizimu
Afrika.
UVincent Mdunge wamaphoyisa uthi: “Abasolwa bahlulekile ukusebenzisana nathi
bakhetha ukuyohlala ehhotela, babhalisa ngamagama okungewona awabo.”
Amaphoyisa akholelwa ukuthi
lezi zithandani besezihlela ukuhamba futhi.
"Kwashiywa imiyalezo eminingi kwabomndeni kodwa bakhetha ukuhamba, ngebhadi-ke
kuputshuke imininingwane ngaleyo ndlela sakwazi ukuhlangana nabo izolo
ebusuku,” esho.
"Bathweswe amacala okushushumbisa abantu nelokuba nendlu esetshenziselwa
ukugcina abadayisa ngemizimba."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24