Yophe yaze yashona ingane elimale kubo

2013-01-21 10:03

Durban - Igcine ngokushona intombazanyana yaseChatsworth, ewe ekhaya kubo ngesikhathi ijabulela umfaniswano wayo wesikole.

UTashnee Singh, 9, ubelokhu ejabulela umfaniswano wakhe ewukhipha ku-wardrope ewubukisisa eduze kwesibuko, bekuzokuba ngokokuqala ukuthi intombazananyana lena igqoke lo mfaniswano wayo, kubika iphephandaba iSunday Tribune.

Ingane ibe isishelela yawela phezu kwesibuko esiyihlabe amanxeba amaningana esifubeni, ibe isiphuthunyiswa esibhedlela nokho yaphelela emagcekeni.

"Ulahlekelwe yigazi eliningi....Intombazanyana yethu yophe kakhulu,” kukhala ugogo wengane uViolet Pillay.

“Bengingazi ukuthi ngenze njani ukunqamula ukopha. Bengisaba nokuthi ngizomthunuka amanxeba uma ngimthinta."

UPillay ubekhulisa uTashnee nodadewabo oneminyaka engu-14 ubudala, njengoba unina ahlaselwa ukugula eminyakeni emihlanu eyedlule.

“Kungiphethe kambi kakhulu ukushona kwakhe, kuzomele ngamukele ukuthi ayikho into eyophinde imbuyise."



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

  Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C Sunny. Mild. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Widely scattered tstorms. Afternoon clouds. Mild. PE: 15-20°C Passing showers. Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...