Yongani amabhonasi - Sasi

2012-11-07 16:27

 Johannesburg - Abantu baseNingizimu Afrika kumele bonge amabhonasi abo kaKhisimusi njengoba bezohola imiholo ethe xaxa, kusho abakwaSA Savings Institute.

"Amabhonasi kumele abekwe eceleni, kungenjalo asetshenziselwe ukokhokha izikweletu,” kusho okhulumela iSasi uPrem Govender.

"Abantu vele banaso isizathu sokuzijabulisa kodwa kumele bakhumbule ikusasa bakhumbule isikhathi sokuqala konyaka.”

Ngokusho kwabakwaSasi, abantu baseNingizimu Afrika abongi mali kunjalo bacwile ezikweletini, izibalo zithi abantu bangene kakhulu ezikweletini kusukela engxenyeni yesibili yonyaka.

AbakwaNational Credit Regulator bathi bakweletwa imali engu-R1.36 trillion, okuyimali ehlanganisa izikweletu zemizi, izimoto, amakhadi ezitolo kanjalo nemali ebolekwe emabhange.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Limlahlile owabiza isisebenzi ngekhafula

Emizuzwini eyi-55 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Mild. Pta: 19-30°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 14-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-22°C Cloudy. Cool. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...