Yindlala edale kushone abantu - ANC
2012-08-21 12:04
JOhannesburg - Indlala nokungalinganiswa kwabantu yikona ekumele kusolwe ngokufa kwabantu abangu-34, abadutshulwa emayini iLonmin eseMarikana ngoLwesine olwedlule, kusho iqembu elibusayo i-African National Congress eLimpopo.
"Igebe elikhona lokungalingani kwabantu kanjalo nengwadla yobuphofu yiko okuholela ezinkingeni emphakathini," kusho uMkhulumeli we-ANC esifundazweni uMakonde Mathivha.
"Nakanjani kumele kube khona izinyathelo ezithathwa ngabaholi abangaphakathi kuhulumeni kanjalo nesezinhlakeni ezizimele. Lokhu kumele kwenziwe ngenhloso yokuvala igebe elikhona kugwenywe nezehlakalo ezifuze lesi esisanda kubonakala."
UMathivha uthe izinkinga ezihlasele emiphakathini angeke zilungiswe ngesankahlu.
"Sihlanganyela nayo yonke imindeni yabantu abashonile, sithi imindeni ilale ngenxeba."
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA