Yenze kahle kakhulu iGauteng ku-matric
2013-01-03 07:40
Johannesburg - Abafundi bakamatikuletsheni baseGauteng yibo abaphase ukwedlula abanye abafundi kwezinye izifundazwe, njengoba kuphase isibalo esingu-83.9%.
I-Eastern Cape ibe nesibalo esiphansi kakhulu, esingu-61.6%, kulandele iLimpopo ngo-66.9%, kube yiMpumalanga ngo-70%, kube yiKwaZulu-Natal ngo-73.1%, iNorthern Cape ibe ku-74.6%, eFree State isibalo sibe ku-81.1%, bese eNorth West sibe ku-79.5%.
Kube nokwehla okuncane eWestern Cape uma kuqhathaniswa nango-2011, njengoba izibalo zazimi ku-82.9% kanti kulo nyaka ziku-82.8%.
Izibalo ezihlanganisiwe zithi bangu-73.9% abafundi abaphasile, kusho uNgqongqoshe woMnyango weMfundo eyiSisekelo u-Angie Motshekga.
Ngonyaka owedlule kwaphasa abafundi abangu-70.2%.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).