Yenzani engikushoyo, hhayi engikwenzayo - Malema
2012-11-20 10:00
Polokwane - Lowo owaxoshwa njengomholi we-ANC Youth League (ANCYL) uJulius Malema
usexwayise abeSA Students' Congress (Sasco) abasanda kuqokelwa kuStudent
Representative Council (SRC) e-University of Limpopo, ophjikweni oluseTurfloop ukuthi bangaphili impilo yobukhazikhazi.
UMalema ukhulume nabafundi ehholo ebeligcwele kuvalwe ngomuntu emnyango ngoMsombuluko ebusuku wathi abafundi akumele bashintshe indlela abaphila ngayo ngokuthi bathenge obhazabhaza bamathelevishini, izingubo zikanokusho njengoba lokho kuzokwenza ukuthi abanye abafundi babasole ngokubadayisa.
“Uma niphuma niyohlala ngaphandle nizokhohlwa ngokushesha ngobunzima obubhekene nabafundi," kusho uMalema.
UMalema, nowaziwa ngempilo yakhe yobuswenka nokuthanda izinto zikanokusho, uthe ithemba abafundi abalibeke kubaholi beSRC libahlola ukuthembeka kwabo.
“Amandla akumele ashintshe indoda, kodwa kumele abonakalise ukuthi ubani indoda yangempela."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA