Yayingichaza iNkosi uShaka - Ntshongwana

2012-11-27 14:02

Durban - Lowo osolwa ngokuba ngumalugaju uJoseph Ntshongwana uthi wayeyithanda iNkosi uShaka ngenxa yokuthi wake wabulala owesifazane ozithwele ngoba efuna ukubona usana olungakazalwa, kubika iThe Mercury.

UWarrant Officer Lucky Mathe wethule ubufakazi bakhe ngoMsombuluko, echaza phakathi kwezinye izinto, ingxoxo aba nayo noNtshongwana, ngenxa yokuthi ezinye zezisulu zakhe zazishumpulwe amakhanda.

Uthi wayegibelise uNtshongwana emotweni yakhe ngaleso sikhathi.

UNtshongwana, nowayedlalela iBlue Bulls, ungaphambi kweJaji elibambile u-Irfaan Khalil eNkantolo eNkulu yaseThekwini.

Ubhekene namacala amane okubulala namabili okuzama ukubulala nokwenzeka phakathi kukaMashi 20 kuya kuMashi 23 ngonyaka odlule.

Waphinde wabekwa icala lokuthumba nokudlwengula owesifazane ngoNovemba.

UMathe uthi waqala ukwethuka ngesikhathi uNtshongwana ethi emakhosini onke akwaZulu uyazifela ngoShaka ngoba wayenesibindi futhi wabulala owesifazane osidizi efuna ukubona usana olungakazalwa.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 2-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Mild. PE: 14-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...