Yamukelwe eyamakhondomu ezikoleni
2012-10-11 08:07
Johannesburg - Isinqumo sikaNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo u-Aaron Motsoaledi sokufaka amakhondomu ezikoleni samukelwe yiNational Association of People Living with HIV and Aids ngoLwesithathu.
UNobhala Jikelele weNapwa uMluleki Zazini uthe esitatimendeni kudingeka ukuthi isandulela ngculazi nengculazi uqobo kumele kulwisanwe nakho ngendlela ehlukile, okubalwa ukusatshalaliswa kwamakhondomu ezikoleni.
“Lokhu kuzosiza iNingizimu Afrika ukuba yehlise ngo-50% izigameko zabatheleleka ngaleli gciwane ngo-2016 bese kuvikela izimpilo zabantu abasha," kusho uZazini.
Amaqembu afana ne-African Christian
Democratic Party neNkatha Freedom Party bazwakalise ukuthi lo mnyakazo uzogqugquzela izingane ezisezincane ukuba zizibandakanye ocansini.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA