Wonke umsebenzi unabathathu abanakekelayo - Umbiko
2013-01-14 12:07
Johannesburg - Wonke umsebenzi waseNingizmu Afrika uzinakekela yena aphinde anakekele abanye abantu abalinganiselwa kwabathathu, kusho isikhungo iSA Institute of Race
Relations, ngoMsombuluko..
Ucwaningo olwenziwe ngabakwa-SAIRR luthi sehlile isibalo sabantu abanakekelwa ngabasebenzi, esikhathini esiyiminyaka engu-15 edlule, noma-ke kunjalo, kuthiwa abantu bebala elinsundu namanje banesibalo sabantu abaningi ababanakekelayo.
"Phambilini umsebenzi nomsebenzi wakuleli ubenakekela okungenani abantu abayisithupha, lesi sibalo sehlile kusukela ngo-1997, abasebenzi sebenakekela okungenani abantu abathathu manje."
"Noma-ke kunjalo izinga eliphezulu lokungabi khona kwemisebenzi likhulu kwabansundu uma kuqhathaniswa nezinye izinhlanga," kusho imenenja yabacwaningi uLucy Holborn.
Umbiko wocwaningo uzodedelwa ngesonto elizayo, ubeka obala isibalo salaba abanakekelwayo, abasebenza ngokugcwele, abangasebenzi kanjalo nalabo abancane nabakhule kakhulu ukuthi basengasebenza.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA