Webe usana owathi uzithwele
2012-11-19 14:01
Sonqoba Kunene, Daily Sun
Johannesburg - Bese kuphele izinyanga ezingu-10 esenga ezimithiyo etshela isoka lakhe ukuthi uzithwele, kwaze kuba lifuna ukubona isithombe sengane ngesikhathi intombi ithi isibelethile.
Wabe esekhokhela labo ababezomtshontshela ingane u-R700.
Ekhuluma neDaily Sun esiteshini samaphoyisa asise-Evaton eVaal, uthe : “Bengilibona ngezimpelasonto kuphela isoka lami ngase ngilitshela ukuthi ngizithwele," kusho lo wesifazane eligodliwe igama lakhe.
“Kubhede sengimtshela ukuthi sengibelethile wase efuna ukuthi ngimthumelele isithombe sengane," le ntokazi ithi kwase kuphela amaqhinga yanquma ukweba usana.
Wabe esehlangana nabesifazane abathathu abathembisa ngokumtholela usana.
Kuthiwa baya kaPinky Maduna, 24, nabamfica egade usana lwakhe lomfana uNqobile.
Bathuma uPinky inyama esitolo wathi uma enqaba bamshaya bamphoqa ukuthi ahambe, wathi ebuya sekukhala ibhungane ingane ayisabonwa.
Abamaphoyisa oConstable Mnyamana Khumalo noPenny Kwankwa, uthe la basolwa abane bazovela eNkantolo yeMantshi yaseSebokeng.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Thola
ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho
- Thola
izindaba zeDaily Sun kuFacebook
- Daily Sun