Wazala ingane wayigwaza amanxeba ayishumi

2012-11-30 10:34

Johannesburg - Omakhelwane bathi owesifazane uvulele phezulu umsindo kamabonakude ngesikhathi ematasa egwaza ephindelela usana lwakhe olusanda kuzalwa, enye indodana yakhe eneminyaka emibili ubudala yabe ibukela kwenzeka lokhu, ngokombiko weThe Star.

Ngesikhathi uSamantha Sibindi ephumela emnyango efake kupulasitiki usana olushonile, omakhelwane bamthelekela besola ukuthi kukhona okwenzekile.

Ozibonele uthe uSibindi uqulekile ngesikhathi ethi uzama ukuvula isicabha, lona kukholakala ukuthi ulahlekelwe yigazi eliningi.

“Ngimbuza ukuthi kwenzekeni ubelokhu equma engaphenduli. Ngithe uma ngisondela ngahlangatshezwa yigazi ebeligcwele indlu, ngibe sengiphuma ngibiza abanye omakhekwane," kusho uMpho Monare, ozibonele.

UMonare ube esegijima eyobikela amaphoyisa.

Kukholakala ukuthi mhlaka-17 Novemba uSibindi wasikwa eyedwa endlini wase ebeletha, ngemuva kokubeletha wathatha isikere wagwaza usana oluzelwe amanxeba ayishumi.

UJoan van Niekerk okhulumela abakwaChildline uthi abantu abaningi besifazane benza izinto ezesabekayo ngoba besuke bekhungethwe yindlala futhi bengaphansi kwengcindezi.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-19°C Sunny. Mild. Pta: 8-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-14°C Sunny. Cool. Bloem: 3-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-22°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...