Wayesekhaya uMngeni ngobusuku bokubulala - Ufakazi

2012-10-29 14:03

Cape Town - Umsolwa ecaleni lokubulawa komshadikazi u-Anni Dewani, wabukela umabonakude waphuza notshwala ehlezi nabangani, ngelanga ekwabulawa ngalo uDewani, kusho ubufakazi obethulwe eNkantolo eNkulu eKapa.

UNombulelo Mato, 24, utshele inkantolo wathi yena nomngani wakhe uKhuselwa kanye nesoka lomngani uXolile Mngeni, babesekhaya kubo, ngobusuku bomhlaka-13 Novemba 2010.

"UMngeni wafika ehamba nomngani wakhe ngezithuba zawo-21:00 kuya ko-22:00," kusho ufakazi.

Ufakazi utshele inkantolo wathi intombi kaMngeni, uKhuselwa, wase evele esekubo ngoba babehlele ukuthi uzochitha khona impelasonto.

UMngeni uyawaphika wonke amacala abhekene nawo, ahlanganisa elokuthumba, elokubamba inkunzi kanye nelokubulala uDewani.

Icala liyaqhubeka.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-25°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 14-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-22°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Dbn: 19-25°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild. PE: 17-21°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...