Wayenqatshelwa ukuxhumana nomndeni owashona

2012-11-27 10:01

Johannesburg - Umndeni womfana oneminyaka engu-15 ubudala owashona ngendlela engaqondakalanga, ngemuva kokuhlala kwakhe amasonto ayishumi esikhungweni sokuqeqeshela ukugada esiqiwini, wawungavumelekile ukuxhumana naye, kusho iphephandaba iBeeld.

Umufi uRaymond Buys wangeniswa esibhedlela eVereeniging, elimele kakhulu futhi enciphile emzimbeni, lona wayelimele kakhulu ekhanda, washona ngemuva kokuhlala esibhedlela isikhathi esiyinyanga.

Umama kamufi uWilna Buys, wethule ubufakazi eNkantolo yesiFunda eVereeniging, elahla ngecala umnikazi wendawo, u-Alex de Koker, 49, ekwakuhleli kuyo indodana yakhe, nomsebenzi wakhe uMichael Erasmus, 20.

Abasolwa bayaliphika icala lokubulala, elokuhlukumeza ingane kanye nelokungayinakekeli.

URaymond wahanjiswa kulesi sikhungo ezoqeqeswa ngenyanga kaJanuwari.

"Umntanami wayezacile futhi elimele. Wayelimele ekhanda enamanxeba nasezindlebeni, umzimba wakhe wonke wawulimele futhi enezibazi zokushiswa ngogwayi," kusho ubufakazi obutshelwe inkantolo.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-18°C Sunny. Mild. Pta: 11-24°C Rain late. Partly cloudy. Mild.
Jhb: 7-20°C Showery. More sun than clouds. Mild. Bloem: 0-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 8-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...