Wayengwa ngumnikazi wesiqiwi olinyazwe ngubhejane

2013-01-15 10:03

Johannesburg - Umfundi waseWest Rand ohlaselwe kambi ngubhejane, ngempelasonto, wayelokhu etshelwa ngumnikazi wesiqiwi ukuthi akasondele eduze kwesilwane kuze ezokwazi ukuthwebula kahle izithombe.

Lo mbiko ukhishwe yiphephandaba iBeeld, ngoLwesibili.

UChantal Beyer, 24, osegumbini labagula kakhulu eKrugersdorp Private Clinic, utshele umalume wakhe uThom Peeters, wathi umnikazi wesiqiwi u-Alex Richter, wayesemthwebulile kodwa waphinda wamtshela ukuthi akasondele eduze kukabhejane.

UPeeters uthi uphondo lukabhejane lwangena esifubeni sikaBeyers, lumhlaba kusukela ngasemhlane, lwasho ukuyophumela ehlombe.

Lona kwama ukusebenza kwamaphaphu akhe kanjalo nezimbambo.

UBeyers wayehamba nabangane bevakashele esiqiwini, ngesikhathi ehlelwa yinhlekelele.

Ngesikhathi iphephandaba lizama ukukhuluma noRichter, walile ukuphawula, wangena emotweni wabaleka.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C Morning clouds. Cool. Pta: 6-22°C Showers late. More sun than clouds. Mild.
Jhb: 3-16°C Showers late. More sun than clouds. Cool. Bloem: -1-13°C High level clouds. Cool.
Dbn: 10-11°C Numerous showers. Mostly cloudy. Quite cool. PE: 7-15°C a few showers. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...