Wayengenazwelo umdlwenguli - Ugogo

2012-07-30 12:34

Durban - Ugogo oneminyaka engu-94 ubudala owadlwengulwa ngumsolwa obesanda kukhishwa ngoshwele ejele, wacela kumdlwenguli ukuthi amxolele amyeke.

Imibiko yephephandaba iDaily News ithi izihlobo zikagogo namanje zisathuswe wukuthi umdlwenguli ubesanda kudedelwa ngoshwele.

Ugogo lona ongezwa kahle emadlebeni, wadlwengulwa kubukela abazukulu bakhe ababili.

“Akabanga nalo uzwelo. Ngakhala, ngamncenga ukuthi angiyeke ngimbuza ukuthi ungibulalelani. Wavele wangivala umlomo ngesandla,” kusho ugogo.

Ugogo ukhulume nephephandaba wathi wayecabanga ukuthi uzofa.

Ugogo uhlaliswe nezihlobo okwamanje kanti umsolwa yena useke wavela enkantolo.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 16-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-27°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-28°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...