Wayengathi unamadimoni uNtshongwana - Ubufakazi
2012-11-28 16:20
Durban - Owabe engumdlali wamaBlue Bulls uPhindile Joseph
Ntshongwana obhekene necala lokubulala abantu esebenzisa imbazo, wayengathi unamadimoni futhi ebukeka njengoSathane uqobo lwakhe, kusho ufakazi ngaphambi kweNkantolo eNkulu eThekwini, ngoLwesithathu.
Owesifazane ekukholakala ukuthi wathunjwa nguNtshongwana utshele inkantolo ukuthi lona wayengathi yisilwane uqobo lwaso.
Umsolwa ubhekene necala lokubulala uThembelenkosini Cebekhulu, waseMontclair, owabulawa ngoMashi 20, 2011, uPaulos Hlongwa, owabulawa ngemuva kwezinsuku ezimbili kubulawe uCebekhulu noSimon Ngidi, owalandela uHlongwa, kanye nomunye umuntu ongaziwa ukuthi ungubani.
Bonke laba bagencwa ngembazo, ubhekene namanye amacala ahlanganisa ukuthumba nokudlwengula.
Lona wesifazane owethule ubufakazi ligodliwe igama lakhe, uthe uNtshongwana wayenolaka kakhulu.
"Wayengathi ufuna ukulwa, wayenza sengathi ufuna ukungibulala," kusho lona wesifazane.
Ummeli kaNtshongwana uThemba
Mjoli utshele inkantolo wathi lona wesifazane uqamba amanga uma ethi umsolwa wazithela ngeDanone emzimbeni wase ethi akamkhothe.
"Indaba nje yeDanone isengqondweni yakho, uyazicabangela nje," kusho ummeli.
Icala liyaqhubeka.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).