'Wayekhathazeke ngemoto yakhe owayeshayisile'

2012-11-29 10:02

Johannesburg - Umshayeli wemoto owashayisa uThomas Ferreira waseWest Rand ngonyaka odlule akazamanga ukumsiza, kunalokho wazungeza imoto yakhe ebheka umonakalo, kubika iBeeld ngoLwesine.

Owazibonela ngawakhe u-Andrew Morton ubethula ubufakazi eNkantolo yeMantshi eKrugersdorp ecaleni elibhekene noMotsamai Semitjie, ongumshayeli kaHumphrey Mmemezi, owabe enguNgqongqoshe wezoHulumeni baseKhaya kanye nezeziNdlu eGauteng.

UMorton ubengufakazi wokuqala woMbuso obizelwe ukuzofakaza ecaleni likaSemitjie, lapho ethweswe khona icala lokushayela budedengu, nokwehluleka ukunikezela ngosizo ngemuva kwengozi.

USemitjie wawaphika wonke amacala athweswe wona.

Ngesikhathi sengozi uFerreira wayenza u-matric eKrugersdorp High School, kanti wayematasa nezivivinyo zokuphela konyaka.

Walimala kabi engqondweni, wabakwikhoma amasonto kanti kumanje uselashwa njengoba engakalulami ngokugcwele.

UMorton ongumngani kaFerreira nowabe ehamba naye kwenzeka konke lokhu, wahlala phansi walinda kwaze kwafika abosizo lokuqala.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Cool. Pta: 14-26°C Tstorms late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 12-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-30°C Haze. Warm. PE: 15-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...