'Wayebukela umama amadoda ezitika ngengane'

2012-11-13 12:01

Cape Town - Umama onenkinga yokucwila kakhulu otshwaleni, nobethengisa ingane yakhe kwabesilisa kuze bezozitika nayo ngocansi, wayesuke ekhona ebukela ngesikhathi amadoda ezitika ngengane yakhe eneminyaka engu-13 ubudala.

Umama wabe ethengisa indodakazi yakhe ngemali esukela ku-R20, eyithengisela amadoda, kubika iphephandaba iDaily Voice.

Konke lokhu kuhlale obala ngesikhathi umama evela ngaphambi kwenkantolo ngoMsombuluko.

Umshushisi uCecil Engel uthuse inkantolo ngesikhathi edalula ukuthi ingane ibithengiswa kokunye ngo-R50 noma ngo-R100 kokunye kube ngu-R20, waveza nokuthi umama wayehlala abukele ngesikhathi amadoda ezithokozisa ngendodakazi yakhe, ebaleni ngasemzini wakhe noma ngaphandle kwezindawo zokucima ukoma emikhukhwini ngase- Atlantis.

“Uma sebekhokhile, bebethatha ingane baye nayo esikhotheni noma emotweni bazitike ngayo, ngezinye izikhathi nomama naye wayesuke ekhona kwenzeka konke lokhu, mhlampe emi ngaphandle emotweni," kusho umshushisi.

Umama ubebukeka ezididekele ngesikhathi evela enkantolo, ubezama ukuhlanganisa inkulumo yakhe esebenzisa isiNgisi nesiBhunu, ijaji uZwelidumile Sogwagwa uchazele umsolwa ukuthi ubhekene necala lokudlwengula. 


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 4-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-25°C Sunny. Mild. PE: 10-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...