Wasinda ngokulambisa isigebengu sidedela imoto

2012-11-21 10:01

Durban - Isigebengu esasidune imoto sagxuma imoto ihamba ngemuva kokuyeba - isisulu, nokukholakala ukuthi ngowesifazane waseThekwini ongudokotela - singaphakathi ebhuthini lemoto.

Amaphoyisa awapholisanga maseko ngesikhathi ezwa ngalesi sigameko njengoba abopha isigelekeqe esikhotheni ngaseHillcrest akwazi nokumisa le moto ngaphambi kokuthi lo wesifazane alimale, kubika iThe Mercury.

Kuthiwa lo wesifazane ubethuke kakhulu, wase ebonga abamhlengile wacela ukuba angakhulumi nabezindaba.

Kuthiwa wadunwa imoto yakhe eChatsworth Shopping Centre yindoda eyabe iphethe isibhamu.

Inkampani ye-tracker angaphansi kwayo lo wesifazane yakwazi ukuthola le moto yase yazisa amaphoyisa.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Umbiko oshaqisayo ngekhaya labadala

Emizuzwini eyi-27 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C Sunny. Warm. Pta: 16-27°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-21°C a few showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 13-28°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...