Washiswa ephila uDe Waal

2012-07-25 14:05
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Intombazane eyabulawa uLouise de Waal wabe ephila ngesikhathi engqongqiswa ngomlilo, kusho ubufakazi obethulwe eNkantolo eNkulu ehleli e-Alberton, ngoLwesithathu.

Umphenyi uGina Rowe uchazele inkantolo ngemiphumela yocwaningo olweniwa ngemuva kokushona kukaDe Waal.

"Wahogela intuthu ngamaphaphu."

IJajai uSida Kolbe ubuze ukuthi ngabe wayephila yini uDe Waal, ngesikhathi kwenzeka konke lokho, uRowe waphendula wathi: "Ukuhogela kwakhe kuveza ukuthi wabe ephila".

Umama kaDe Waal uShereen uhlulekile ukuzibamba, ubelokhu ekhale njalo ethi: "Kodwa Nkosi yami!"

Umsolwa uJohannes Jacobus Steyn, nguye obhekene necala lokubulala.

Icala liyaqhubeka.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Partly cloudy. Mild. Pta: 5-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 1-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-23°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...