'Waphenduka inyoka' unkosikazi owabulawa

2013-07-25 14:03

Pretoria - Unkosikazi wakhe waphenduka umuntu kwesingenhla kwathi kwesingezansi waphenduka inyoka, kusho ubufakazi obethulwe ngumsolwa ecaleni lokubulala abantu abathathu, kubika iThe Star.

U-Evans Mpanyane watshela amaphoyisa kanjena, ngemuva kokuthi eboshiwe, kusho ummeli wakhe eNkantolo eNkulu ePitoli.

Lona ubhekene necala lokuklinya abulale umkakhe uCornelia, 30, namadodakazi abo amabili uPriscilla, 7, noJoy, 6.

Uyawaphika wonke amacala.

Inkantolo izwe ubufakazi obufishane ngesikhathi ummeli wakhe ebuza iphoyisa uConstable Godfrey Mashilo, imibuzo.

UMpanyane uthi amaphoyisa amtshela ukuthi angeke kumsize ukufaka indaba yobuthakathi emizamweni yobufakazi, uthi awamchazelanga ngamalungelo akhe.

Uthi ukube wayetsheliwe, wayeyobiza unina noma umfundisi wakhe bazokuba kanye naye ngesikhathi eboshwa.

Ummeli utshele iJaji uGeorge Webster ukuthi umsolwa wabe edidekile futhi ethukile.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...