Waphathwa kahle u'Sunday Rapist' - Amaphoyisa
2012-07-26 14:05
Johannesburg - Umsolwa emacaleni amaningi ahlanganisa nawokubulala uJohannes Jacobus Steyn, owaziwa ngelika"Sunday Rapist",
waphathwa ngendlela njengabo bonke abanye abantu, kusho ubufakazi eNkantolo eNkulu ehleli eNkantolo yeMantshi ePalm
Ridge, e-Alberton.
"Ngamphathisa okomuntu, waze wangixhawula ngesikhathi esedluliselwa esiteshini samaphoyisa eKrugersdorp," kusho uConstable Quiet Menong, etshela inkantolo.
Inkantolo ithetha icala likaSteyn lokubulala amantombazane esikole uLouise de Waal noLazanne Farmer.
Ubhekene namanye amacala angu-11 okudlwengula, angu-10 okuhlukumeza ngokocansi, angu-10 okuthumba, elilodwa lokuzama ukuhlukumeza ngokocansi nelilodwa lokuzama ukuthumba kanjalo namabili okushaya.
NgoLwesithathu inkantolo itshelwe ukuthi intombazabe eyabulawa uDe Waal, washiswa nemoto ephila.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA