Wacwiya ingane efuna ukukhulisa ibandla

2012-08-08 12:04
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Umbhishobhi webandla i-Eden Zionist Church eKatlehong, eKurhuleni ugcine evumile ukuthi wayenga ingane eneminyaka eyisishiyagalolunye ubudala ngaphambi kokuthi ayicwiye izitho zomzimba iphila.

Imibiko yephephandaba iThe Star ithe uMbhishobhi uMonde Tokwe, 48, watshelwa yinyanga ukuthi kumele ahlanganise umuthi nezicubu zengane yentombazane, kuze kuzokhula ibandla.

Ingane eyabulawa, uYonelwa Sikweyiya, wabe eyindodakazi yentombi kambhishobhi.

UTokwe ubhekene necala lokucwiya izitho zangasese zengane, ekuthiwa wakwenza elekelelwa ngumkakhe.

Inkantolo itshelwe ukuthi ingane yabe iphila ngesikhathi icwiywa ebusweni nasesithweni sangasese.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C Sunny. Mild. Pta: 10-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-17°C Sunny. Mild. Bloem: 7-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 15-22°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Cool. PE: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...