Wacela usizo kwaSars uMpisane - Ubufakazi

2012-11-08 16:21

Durban - Usomabhizinisi obhekene namacala uShauwn Mpisane, wacela abaqoqi bentela ukuthi babhekisise amabhuku akhe babone ukuthi uthembekile yini ekukhokheleni kwakhe intela, kusho ubufakazi obethulwe ngaphambi kweNkantolo yeSifunda eThekwini ngoLwesine.

UMpisane utshele inkantolo wathi wahambisa kwabakwaSA Revenue Services, amabhuku enkampani yakhe iZikhulise, uthi inkampani yabe ikhula futhi efuna ukuqhube kokwethembeka ekukhokheleni intela.

UMabongi Flora-Junior "Shauwn" Mpisane ubhekene necala lokukhipha imininingwano engesilo iqiniso, ngenhloso yokukhokha intela encane, ubhekene nelinye icala lokwephula umthetho ngaphansi kweClose Corporations Act.

UMpisane uthe wacela usizo lwenkantolo ngonyaka ka-2008, ngemuva kokuthi umyeni wakhe uSbu, owabe eyiphoyisa likamasipala, ethole ukusolwa ngempilo ewubukhazikhazi ayiphilayo.

Icala liyaqhubeka.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kuhlehliswe icala umsolwa ebambekile

Emizuzwini eyi-17 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C Showers late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C Sunny. Warm. Bloem: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More clouds than sun. Mild. PE: 15-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...