Wacebeni amaphoyisa afuna ukugwazelwa - IPID
2013-01-15 12:04
Johannesburg - Kunxuswa ukuthi bangathuli abashayeli uma amaphoyisa ebafuna amantshontsho, kusho i-Independent Police Investigative
Directorate (Ipid) ngoLwesibili.
"Uma benezikhalazo kumele beze nobufakazi bese siyawalandela lawo macala," kusho okhulumela i-Ipid uMoses Dlamini.
UDlamini uthe abashayeli kumele babike ngale nkohlakalo ngisho noma yenzeka ngo-2011, kodwa lokho akusho ukuthi kumele amaphoyisa aqanjelwe amanga.
Khonamanjalo, kwashona iphoyisa ngesikhathi umshayeli eshaya imoto izula ngesikhathi amanye eyisesha ebheka izidakamizwa kuRivonia
Road eSandown, ngoLwesine ekuseni.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA