Uzoyiswa esibhedlela sengqondo uNtshongwana

2011-04-14 16:46

Durban - Lowo osolwa ngokubulala abantu ebajuqa ngembazo eThekwini, uJoseph Ntshongwana, uzoyiswa esibhedlela sabantu abagula ngengqondo iFort Napier esiseMgungundlovu ukuze ayohlolwa, kubika i-East Coast Radio.

Yize udokotela ethe ukulungele ukuthetha icala, abammeli bakhe baphikisene nalokhu.

UNtshongwana uvele okwesithathu eNkantolo yeMantshi eThekwini namhlanje ekuseni.

Ehamba ngezinyawo ephethe oplastiki ababili, uNtshongwana ungene ebhokisini.

Yize ebebukeka ezinzile namhlanje uma kuqhathaniswa nesonto eledlule, ubebukeka ephazamisekile, ezihlikihla ikhanda nobuso aphinde akhulume yedwa.

Kwenziwa amalungiselelo okumzamela indawo eFort Napier Hospital, kodwa ngokoMbuso lokhu kungaze kwenzeske ngo-Okthoba.

Ummeli kaNtshongwana, uCarl van der Merwe, ufake amaphepha enkantolo atshengisa ukuthi uNtshongwana unenkinga engqondweni kusukeka ngo-2009.

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

'Ayibulawe inja elume umzukulu wami'

Emizuzwini eyi-0 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-18°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-28°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-29°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-24°C Scattered showers. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...