Uzovela umfundi ngelokubulala omunye
2012-11-21 12:04
Johannesburg - Lizovela enkantolo yaseThekwini ibhungu ngemuva kwezinsolo ezithi ligwaze labulala omunye umfundi emagcekeni esikole, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.
Abafana bagwazane ngesikhathi belwa eFairvale Secondary School eWentworth ngoLwesibili, kusho uColonel
Vincent Mdunge.
"Esikwaziyo ukuthi bekulwa abafana ababili, kodwa asazi impi isuswe yini."
La bafundi baphuthunyiswe esibhedlela la kushone khona oyedwa, uKhanyisani Mqayi, 15, nobegwazwe kathathu esifubeni nasengalweni.
Omunye umfundi naye ugwazwe esifubeni njengoba esesibhedlela.
Icala lakhe lingase lilalelwe eNkantolo yeMantshi yaseWentworth engekho.
EGauteng ngoLwesibili ekuseni, umfundi, 18, udubule wabulala lowo abethi uhlala ngokumchukuluza ePhineas Xulu Secondary School, eVosloorus.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA