Uzovela umfana osolwa ngokubulala

2012-11-16 12:01

Johannesburg - Lizovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseWitbank ibhungu elineminyaka engu-17 ubudala elibhekene necala lokubulala intombazane eneminyaka engu-14 ubudala, kusho amaphoyisa aseMpumalanga.

Umsolwa wavela enkantolo mhlaka-14 Novemba, wase egcinwa endaweni ephephile, kusho uLieutenant Colonel Leonard Hlathi.

Lona waboshwa ngoLwesihlanu, ungumakhelwane wentombazane ayibulala, kuthiwa wathumba wase ebulala uPretty Ntokozo Mtsweni.

UMtsweni wagcina ukubonakala ephila mhlaka-21 Okthoba, eseTasbet Park, Witbank, uHlathi uthe isidumbu sakhe satholakala ku-N12.

Ngaphambi kokuthi abulawe, umndeni wamukela izingcingo zithi akukhishwe imali kuze ezodedelwa, iphephandaba iDaily Sun labika ukuthi kwathunyelwa umlayezo ngomakhalekhukhwini wakhe kuthiwa umndeni awukhiphe u-R400 000, kuze ezodedelwa.

Umama kaNtokozo uthi umsolwa wafika ngemuva kwesonto, ezobheka ukuthi umufi usetholakele yini.

"Ngathinteka emoyeni ngicabanga ukuthi umphakathi kanye namaphoyisa bonke bayazama ukuthi kutholakale umntwana wami," kusho umama etshela iphephandaba.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Numerous showers. Morning clouds. Cool. Pta: 7-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 10-21°C Rain late. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...