Uzovela owesifazane osolwa ngokubulala iphoyisa

2013-01-22 16:23

Johannesburg - Owesifazane osolwa ngokuthumba abulale iphoyisa lasePitoli, kulindeleke aye ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yakhona ePitoli, ngoLwesithathu.

Umsolwa oneminyaka engu-26 ubudala, bekulindeleke avele ngoLwesibili, icala lahlehliselwa uLwesithathu, kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Lungelo Dlamini.

Lona wesifazane waboshwa ngoMsombuluko ese-Estcourt, KwaZulu-Natal.

UMajor Abram Tselana, 45, wagcina ukubonakala ngesikhathi eyokhipha imali engu-R23 000, ebhange.

Kuthiwa wahlangana nalona wesifazane owabe ehamba ngemoto eyiVolkswagen Jetta, ngemuva kwezinsuku ezimbili kwatholakala isidumbu sakhe kuPaul Kruger Street, enenkebenkebe yenxeba ekhanda.

Kuboshwe nabanye abantu ababili abahlanganisa nomnikazi wemoto.

Laba basolwa uBheki Mhlongo noZukisa Mablayi, sebevelile ngaphambi kwenkantolo kanti bagqunwe esitokisini kuze kube bayabuyela mhla lulunye kuFebhuwari.


 


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone 6 engozini e-KZN

Emizuzwini eyi-11 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 2-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Cool. Bloem: -2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...