Uzovela owadlwengula wakopolota iso

2012-05-25 10:28

Johannesburg - Uyavela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseMthunzini umfana osolwa ngokudlwengula nokukopolota iso lentombazane eneminyaka eyisishiyagalombili ubudala.

Umsolwa oneminyaka engu-15 ubudala wadedelelwa esandleni sabazali ngesikhathi evela okokuqala enkantolo.

Ngenyanga eyedlule intombazanyana yahudulelwa esikhotheni yadlwengulwa ngumsolwa, wayiluma waphinde wayikopolota iso.

Ugogo kamsolwa uthi wake wathethisa kambi umsolwa ngesikhathi kuthiwa udlwengule enye ingane yentombazane.  

"Asimthethisanga kulokhu ngesikhathi kufika abazali bentombazane, sasaba ukuthi uzobaleka njengoba enza phambilini.

Intombazane yathola ukwelashwa esibhedlela iNgwelezane.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Sunny. Mild. Bloem: 3-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Scattered showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...