Uzovela osolwa kwelokudlwengula nokubulala
2013-02-08 10:04
Cape Town - Umsolwa wesibili ekuthiwa uyathinteka ekudlwengulweni nokubulawa kwentombazane yaseBredasdorp, u-Anene Booysen, kulindeleke avele ngaphambi kwenkantolo ngoLwesihlanu.
Umbiko wephephandaba iCape Argus uthi umsolwa oneminyaka engu-21 ubudala, uzovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseBredasdorp, omunye umsolwa oneminyaka engu-22 ubudala yena wavela ngoLwesibili.
UBooysen walinyazwa kambi, bamshiya umndondo wase entshingwa emgwaqeni, wacoshwa ngunogada owabe esebiza amaphoyisa.
Ilungu lomndeni belilokhu lichiphiza ngesikhathi lichazela iphephandaba indlela akade elimele ngayo.
"Ubenqunywe uqhoqhoqho, ephulwe yonke iminwe nemilenze, isisu basidabule phakathi base befaka ibhodlela elifile. Amathumbu nezinye izinto ezitholakala esiswini bezisakazwe endaweni yesehlakalo," kuchaza isihlobo uWilma Brooks.
Umama kaBooysen uCorlia Olivier, uthi indodakazi yakhe ibilokhu ikhala esibhedlela ithi: "mama, mama ngicela ungisize", uthi ibingazi ukuthi vele usefikile.
UBooysen udlule emhlabeni ngoMgqibelo ntambama.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA