Uzovela obefuna ukuthwala ngonkosikazi

2013-02-14 08:42

Mayfield - Kulindeleke ukuthi ivele eNkantolo yeMantshi yaseBenoni indoda esolwa ngokubulala unkosikazi wayo ngokumshumpula ikhanda ngoba ifuna ukumsebenzisela umuthi e-East Rand, kusho amaphoyisa aseGauteng.

Uboshwe ngesikhathi ikhanda likankosikazi litholakala endaweni yokugezela, isidumbu sakhe sisegumbini lokulala emzini wabo oseMayfield, eDaveyton, kusanda kuba yiphakathi kwamabili ngoLwesibili, kusho uCaptain Alfred Nakana.

“Uthe ikhanda likankosikazi ubezoliyisa KwaZulu-Natal nalapho abezolisebenzisela khona umuthi wokuthi abe yinjinga,” kusho uNakana.

Le ndoda ibihleli nomndeni wayo ngesikhathi ithi izingane aziye kolala, yabe isigwaza ibulala unkosikazi wayo yamshumpula ikhanda.

Ibhadanywe yindodana yabo, 15, nebese iphuma iyofuna usizo kanti izozithela evenini yamaphoyisa.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-22°C Sunny. Mild. Pta: 3-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 1-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 8-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...