Uzovela enkantolo owetekisi edale ingozi wabaleka

2015-02-09 10:01

Johannesburg – Kuboshwe umshayeli wetekisi odale ingozi maqede washaya wachitha endaweni yesigameko eSandton ngeSonto ngokusho kwamaphoyisa kaMasipala eGoli.

Le ngozi yenzeke ekhoneni lomgwaqo u-Old Pretoria Main noMalboro ngabo-05:00 ekuseni, kusho uChief Superintendent Wayne Minnaar.

“Ujike phambi kwemoto yohlobo lweNissan Tida ebishayelwa ngumhlengikazi oneminyaka engu-59 ubudala obesendleleni elibangisa emsebenzini.

Lo mhlengikazi ulimale kanzima njengoba kuze kwaphoqeleka ukuthi aphuthunyiswe emtholampilo iCarstenhof.” 

OLUNYE UDABA:Zimkhalele umshayeli wetekisi osolwa ngokudlwengula

Ngemuva kwale ngozi umshayeli waleli tekisi wehlile wabaleka ngezinyawo.

UMinnaar uthe amaphoyisa akwaJMPD alithathile leli tekisi abe esexhumana nomnikazi walo ukuthi alethe umshayeli walo emaphoyiseni uma efuna kudedelwe itekisi lakhe.

“Nebala umnikazi wetekisi utheleke esiteshini samaphoyisa naye lo mshayeli.

Ube esekhalelwa ngamasongo kaSigonyela. Uzovela eNkantllo yeMantshi yaseWynberg maduze ngamacala okushayela budedengu nokubaleka endaweni yengozi,” kusho uMinnaar.

         - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...