Uzovela enkantolo owabulala owayeyintombi yakhe
2012-12-20 14:50
Durban - Kulindeleke avele enkantolo owesilisa, 44, waKwaZulu-Natal mayelana nokubulala ngesihluku owayeyintombi yakhe phambi kwengane yabo eneminyaka emihlanu ubudala.
Lesi sigameko senzeke ePomeroy ngasekuqaleni kwesonto, ngokusho kweNewswatch.
Umufi, 25, waseKranskop, uhlangane nomsolwa ehamba nendodakazi yakhe erenki yamatekisi khona endaweni.
Kuthiwa babange imali, owesilisa wase egwaza owesifazane amanxeba angu-14 washonela endaweni yesigameko.
Umsolwa ugqunywe esitokisini.
Okhulumela iChildline uLinda Naidoo uthe kubalulekile ukuthi ingane ithole ukwelulekwa ngokwengqondo.
"Ingane ingase izithole isengozini yokungapholi amanxeba ngenxa yesigameko esibone senzeka phambi kwayo."
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24