Uzothweswa nelokudlwengula owalaseGriekwastad
2013-02-22 12:04
Bloemfontein - Umfana oneminyaka engu-16 ubudala obhekene necala lokubulala umndeni wakhe waseGriekwastad, uzothweswa necala lokudlwengula uma esephinda evela ngaphambi kwenkantolo ngenyanga ezayo, kusho umbiko wephaphandaba iVolksblad.
Umbiko uthi imininingwane ngecala ihanjiswe eNkantolo eNkulu eKimberley, la kuzobe kuqhubeka khona icala kusukela mhlaka-11 Mashi.
Umfana waboshwa mayelana necala lokubulala umninipulazi waseNorthern Cape uDeon Steenkamp, 44, umkakhe uChristelle, 43, kanye nendodakazi yabo uMarthella, 14.
Bonke badutshulwa babulawa besekhaya mhlaka-16 Ephreli ngonyaka ofile, umbiko wephephandaba uthi uMarthella wadlwengulwa ngaphambi kokuthi abulawe.
Phambilini kwakuqagelwa ukuthi ukulimala kwengane esithweni sayo sangasese kwabe kungumphumela wogibela ihhashi.
Umsolwa kuthiwa uzophinda athweswe icala lokuphazamisa ukusebenza komthetho.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA