Uzophela umbuso - ANC
2012-08-08 16:46
Bloemfontein - Ukuhambela phesheya kolwandle, amadili okudla angenasidndo kanjalo nokwenziwa kwezikibha zeqembu i-African Nationa Congress, angeke kusaqhubeka, kusho ubuholi beqembu esifundazweni iFree State.
"Iqembu lizobekela ubuholi imithetho eqinile," kusho uNobhala esifundazweni uWilliam Bulwane.
UBulwane usho lokhu ngemuva kombiko womcwaningi mabhuku mayelana nomasipala baseFree State.
"Siyawamukela umbiko womcwaningi mabhuku. Sikhathazekile ngokungenzi ngendlela kwabanye bomasipala."
UBulwane uthe ubuholi beqembu buvumelene ngokuthi kwenziwe izinguquko ezithize kuze kuzolungiswa isimo.
Uhulumeni wesifundazwe usayinise izimeya zomasipala isibophezelo sokusebenza ngokuzimisela.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).