Uzomiswa umfundi oshaye uthisha

2012-11-22 12:04

Johannesburg - Kudingakale ukuthi aphuthunyiswe esibhedlela uthisha oshaywe waqunjwa phansi ngumfundi abezama ukumphuca umakhalekhukhwini abewusebenzisa esikhungweni sokubhala ukuhlolwa.

Uthisha uNgcebo Lubisi, 27, ofundisa u-Grade-9 no-10, esikoleni iDan Kutumela Secondary School, eZithobeni, ngaseBronkhorstspruit, uvuke othulini ngesikhathi umfundi oneminyaka engu-18 ubudala emvulela ngequpha.

Igama lomfundi ligodliwe yiphephandaba iSowetan.

Umfundi ushaye uthisha wase emba embulula, uLubisi uphuthunyiswe kudokotela wase edluliselwa kuchwepheshe wamehlo.

Ukushaywa kukathisha kuholele ekutheni agcwanekwe ngabafundi abafike ngakusasa bemculela bemtshela ukuthi ushayiwe, lokhu kuthukuthelise uthishanhloko wabaxosha ethi ababuye nabazali.

NgoLwesibili abafundi banqatshelwa ukuthi babhale ukuhlolwa kwabo ngesikhathi befika bengahambi nabazali.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Pinky Tsinyane uthe amaphoyisa aphenya icala lokushaya.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eGauteng uCharles Phahlane uthe: "UMnyango uyakuhlaba ukuhlukunyezwa kothisha okwenziwa ngabafundi. Sesicele isigungu sesikole ukuthi siqinisekise ukuthi umfundi ohlasele uthisha uyamiswa esokoleni kuze kuba uvela ngaphambi kwekomidi lokuqondiswa kwezigwegwe.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 14-27°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-28°C Morning clouds. Warm. PE: 14-21°C Showery. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...