Uzokhishwa ngoshwele umbulali - Umbiko
2012-12-12 10:05
Johannesburg - INkantolo eNkulu ePitoli isiphasise ushwele wesiboshwa esidonsela icala lokubulala, ngemuva kokuthi uNgqongqoshe woMnyango wezamaJele, ahlukela ukusinika ushwele ngesikhathi kudedelwa ezinye iziboshwa.
UCornelius van Wyk uzokhululwa mhla lulunye kuJanuwari, kusho umbiko weThe Star, ngoLwesithathu.
UVan Wyk wagwetshwa odilikajele abathathu, ngoSepthemba 1994, kulandela ukulahlwa ngamacala amathathu okubulala.
Ngesikhathi egwetshwa wayeneminyaka engu-20 ubudala, wabulala abantu abathathu eMakhado, eLimpopo, wabe eyingxenye yeqembu iNational Socialist Partisans.
UMnyango wanqaba ukunika uVan Wyk ushwele, wase edlulisela icala enkantolo.
Umbiko wephephandaba uthi ibhodi ephasisa ushwele yanika lesi siboshwa ushwele kodwa ungqongqoshe wehluleka ukuthatha isinqumo esingujuqu.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA