Uzohlawulwa owashonelwa yingane ebeletha
2012-08-31 12:02
Johannesburg - UMnyango wezeMpilo eGauteng usuphoqeleke ukuthi uhlawule umama osemncane imali engu-R1.4 million ngemuva kokuthi kube khona okungahambi kahle ngesikhathi ebeletha waze washonelwa yingane.
Umama wengane wacela ukuthi ahlizwe nokho odokotelsa banqaba, kwathi kulunguza ikhanda lengane, baliphushela phakathi ngesikhathi sekucaca ukuthi angeke akwazi ukuzibelethela.
Iphephandaba iPretoria News libike ukuthi lona wesifazane eligodliwe igama lakhe, uzohlawulwa ngo-R560 500 kuthi umyeni wakhe athole-R115 000.
Lokhu kwenzeka ngoMashi 2003, owesifazane esaneminyaka engu-23 ubudala - kuze kube manje kuthiwa akakaxoli ngalesi sehlo.
Inkantolo itshelwe ukuthi lona uke wazama ukuzibulala ngenyanga kaMashi, kunqunywe ukuthi agcinwe esibhedlela sabagula ngenqgondo kuze ezothola ukwelashwa.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24