Uzogcinwa esitokisini umfundi obulele

2012-11-23 08:01

Johannesburg - Umfundi wasesikoleni samabanga aphekeme osolwa ngokudubula abulale lowo obehlala ngokumchukuluza ukuzogcinwa esitokisini kuze kube ufaka isicelo sebheyili ngoLwesine oluzayo, kubika iSowetan.

Lo mfundi, 18, ubhekene necala lokubulala, ukweba nokuphatha isibhamu ngokungemthetho.

Leli bhungu lasePhineas Xulu Secondary School eVosloorus, eKurhuleni, lisolwa ngokudubula libulale uNkululeko Ndlovu, 18, ngesibhamu somsebenzi sikanina ngoLwesibili.

Kusolwa ukuthi umufi ubeyingxenye yababamba inkunzi umsolwa ngoMsombuluko esikoleni.

UNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng uBarbara Creecy uhambele lesi sikole ngoLwesine wathi isigungu esongamele isikole kumele sithathele labo abahlukumeze lo mfana izinyathelo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 20-33°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-27°C Morning clouds. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 14-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...