Uzofihlwa ngelomshado wakhe odubuleke ngephutha

2013-02-25 10:06

Johannesburg - Uzophenduka umngcwabo umshado ebekubhekeke ukuthi ube ngoMgqibelo, lokhu kulandela isehlakalo sengozi yesibhamu, edlule nomphefumulo kamkhwanyana, kusho umbiko weBeeld.

USeymore Coetsee, 34, obeyimenenja eSwala Lodge, ngaseBela-Bela, udubuleke ngesibhamu sakhe esekhaya abezohlala kulo nonkosikazi wakhe.

Umnikazi wendawo yokuhlala uBryn Thomas uthi isibhamu besiphezu komshini wokuwasha obukade uthwelwe ngumufi, uthi siwele phansi sase sidubula.

Inhlamvu ingene esiswini yaphumela ngemuva yase ishaya uphahla, ingoduso kamufi uSam Sampson, 34, ibimele buqamama ibuka lesi sehlakalo senzeka.

UCoetsee ushonele endleleni eya esibhedlela, udadewabo u-Annemie, ogane umfowabo kaSampson utheleke esuka eBrithani ethi uze emshadweni engakwezwa ngale nhlekelele.

Umndeni uthi ushaqekile ngalesi sehlakalo.

"Kubuhlungu futhi kuyathusa, kumele sitshele abantu abahambele umshado ukuthi sekuzokuba ngumngcwabo," kusho isihlobo.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm. PE: 12-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...