Uzofihlwa ngelizayo uMbili - ANC
2012-07-13 08:11
Durban - Izobanjwa ngesonto elizayo inkonzo yomngcwabo weLungu lePhalamende elidlule emhlabeni kuleli sonto engozini yemoto ngaphandle kweTheku, uMandla Mbili.
Umngcwabo uzobanjelwa enkundleni yezemidlalo eSibaneni eMthwalume ngoJulayi 22, kusho okhulumela umndeni uNdabenhle Mkhize.
Inkonzo yesikhumbuzo izoba sePort Shepstone Civic Centre ngoLwesihlanu.
UMbili ushiye izingane eziyishumi, eziphakathi kweminyaka engu-27 nemithathu ubudala.
UMkhize uchaze uMbili njengomuntu "obesebenza ngokuzinikela”, wathi umndeni wakhe ushaqeke kakhulu ngokudlula kwakhe.
Ukushona kwakhe kulandela okwekhansela lakuMasipala iHibiscus Coast, uWandile Mkhize, nowadutshulwa wabulawa ngaphandle komuzi wakhe eManaba ngaseMargate.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- The Witness