Uzofaka isicelo sebheyili owe-NFP

2012-12-19 12:49

Durban - Ikhansela leNational Freedom Party (NFP), elisolwa ngokubulala ilungu le-IFP ngaphandle kweNkantolo yeMantshi eNtuzuma, kulindeleke ukuba lifake isicelo sebheyili. uma selivela eNkantolo yesiFunda eThekwini ngoLwesithathu.

NgoLwesibili, uMzonjani Zulu, noyikhansela eThekwini, uvele kancane enkantolo icala lase lihlehliswa.

Inkantolo ilalele ukuthi umshushisi uBlackie Swart uyena uzobe esingethe lesi sicelo.

UZulu waboshwa ngo-Okthoba ngesikhathi kudutshulwa kubulawa uSiya Dlamini phambi kwezintatheli namaphoyisa.

Laba bobabili babeyingxenye yamalungu e-IFP ne-NFP ayehambele icala lekhansela le-NFP uMgezeni Gwala, nendodana yakhe uBonginhlanhla, nomngani wakhe uSibusiso Ncengwa.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-25°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 8-20°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 4-25°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-24°C Morning clouds. Mild. PE: 9-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...