Uzobolela ejele owabulala isalukazi

2012-12-14 08:19

Durban - Uzobolela ejele owesilisa waKwaZulu-Natal, nogwetshwe eNkantolo eNkulu yaKwaDukuza ngokubulala owesifazane, kusho amaphoyisa esifundazwe.

USimphiwe Steven Khumalo utholakale enecala lokubulala uThombi Mthabela, 70, ngoFebhuwari 21, kusho uColonel Jay Naicker.

Uphinde wagwetshelwa ukutholakala nesibhamu esingagunyaziwe nezinhlamvu.

UMthabela wayesendleleni eya kwakhe ngabo-15:00 ephuma esitolo eNgulule, enyakatho neMpangeni, ngesikhathi evinjezelwa nguKhumalo.

“UKhumalo wamsola ngokuthakatha nokweba izimbuzi zakubo,” kusho uNaicker.

"Wabe esedubula uMthabela izikhawu eziningana ngaphambi kokubaleka."

UMthabela waphelela endaweni yesehlakalo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C Light rain late. Mostly cloudy. Cool. Pta: 3-14°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 1-10°C Sunny. Cool. Bloem: -4-10°C Afternoon clouds. Cool.
Dbn: 11-18°C a few showers. More sun than clouds. Cool. PE: 7-19°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...