Uzobhadla obulale ugogo wakhe
2012-09-06 08:21
Pretoria - Uzohlala ejele impilo yakhe yonke umlisa waKwaMhlanga olahlwe yicala lokudlwengula nokubulala ugogo wakhe oneminyaka engu-92 ubudala.
USipho Oupa Kubeka, 38, uvume leli cala ngaphambi kwejaji
eNkantolo eNkulu ePitoli.
Inkantolo igwebe uKubeka odilikajele ababili, ngemuva kokuzivumele yena leli cala, lona ubonakale echiphiza ngesikhathi egwetshwa yiJaji uSelby Baqwa, uthe akazi wabe embulalelani ugogo wakhe uKonzaphi
Elizabeth Kubeka.
UKubeka wamukele isigwebo sakhe wase etshela inkantolo ukuthi uyazisola, uthe uyafisa ukuthi umndeni umxolele.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).