Uzitamuzela imali uthisha ongasafundisi

2012-03-27 12:02
Yabelani Shicilela

Durban - Uthishanhloko waKwaZulu-Natal usezitamuzele umholo cishe iminyaka eyisikhombisa yize ebengaqashelwanga kulesi sikhundla, ngokusho kombiko weThe Mercury ngoLwesibili.

Ngokwalo mbiko, uLinda Leslie Gumbi waphoqwa ukuba aphume aphele emagcekeni esikole esiseNdwedwe, ngaseThekwini, ngo-2003 kulandela izinsolo ezazingenabufakazi zokuthi wakhwabanisa izimali zesikole.

Wabe esesebenza njengothisha ka-grade 7 kwesinye isikole, kodwa wayeka ukufundisa ngo-2005.

Umbiko uthi usehole imali engu-R1.82 million kusukela lapho.

NgokoMnyango wezeMfundo esifundazweni, uGumbi ungomunye wothishanhloko abangu-81 "abayizipoki" iningi labo elisebenza njengothisha kodwa lihola imali yothishanhloko.

Lo mbiko ucaphune uNgqongqoshe woMnyango uSenzo Mchunu ethi abangu-11 kulabo thisha baqhamuka ezikoleni zaseNdwedwe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Partly cloudy. Cool. Pta: 6-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-24°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...