Uzilengisile ogwaze intombi
2012-12-31 07:58
Mahikeng - Kutholakale isidumbu sendoda eneminyaka engu-31 ubudala silenga
esihlahleni endaweni yaseDwaalkraal ngaseSannieshof.
Lokhu kwenzeke ngemuva kwezinsolo ezithi lona ugwaze intombi yakhe, kusho
amaphoyisa aseNorth West.
UCaptain Amanda Funani uthi indoda lena itholakale ilenga esihlahleni
ngentambo eqinile.
"Kukholakala ukuthi umufi ube nengxabano nentombi yakhe wase eyigwaza
ngesikere, ngaphambi kokuthi abaleke."
Kukholakala ukuthi indoda ibicabanga ukuthi intombi ishonile, nokho akubanga
njalo.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).