Uzilengisile obegcwanekwa esikoleni

2012-02-21 08:29

Johannesburg - Umfundi ka-Grade 10 waseLethabong Secondary School eSoshanguve uzibulele, kanti kusolakala ukuthi ubezama ukugwema ababhoklolo esikoleni, ngokusho kombiko ngoLwesibili.

UDavid Hlongwane, 16, ubeseke washaywa wabizwa nangamagama angehli kahle nokwadingeka ukuthi aze abalekele egumbini lothisha ebalekela ontanga yakhe, kubika iThe Times.

NgoFebbuwari 14, uHlongwane wafika nencwadi ethi abazali bakhe bayadingeka esikoleni ukuze kuzokhulunywa ngale nkinga.

Lla mabhoklolo, okubalwa nowake wamiswa esikoleni ngokushaya uthisha, nawo anikezwa lezi zincwadi.

Ngosuku olulandelayo uHlongwane wabe esezikhunga kanti ngemuva kwakudlala iculo lokholo abelithanda.

OweChildline eGauteng uLynne Cawood, uthe izigameko zokugcwanekana ezikoleni ziyadlondlobala.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-15°C More sun than clouds. Cool. Pta: 8-17°C Rain late. Partly sunny. Mild.
Jhb: 5-13°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Bloem: 7-9°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool.
Dbn: 12-15°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-14°C Scattered showers. Mostly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...