Uzilengise wazingqongqisa nendlu owaliwe

2012-08-21 10:06

Johannesburg - Ngesikhathi u-Andrew ethola ukuthi unkosikazi wakhe uyajola ngaphandle uvele wabona engasakufanele ukuphila wazilengisa. . . uphinde washisa nendlu, ukuze enze isiqiniseko sokuthi uyafa ngempela, kubika iDaily Sun.

U-Andrew Maluleka, 48, uzilengisile endlini yakhe eseStinkwater, enyakatho yeTshwane ngoLwesibili owedlule – ukwenze lokhu wase eshisa indlu yakhe ukuze abe nesiqiniseko sokuthi nesidumbu sakhe futhi siyasha.

USam Matloa, ongumakhelwane aphinde abe ngumngani wakhe, utshele iDaily Sun ukuthi uvuswe ukuqhuma kwamawindi kanye namalangabi abephuma endlini.

“Ngibize omakhelwane ukuba bazosiza sicime umlilo. Kodwa sithe siqeda nje ukuwucima umlilo, yonke into ibisishe yaphela.“ 

USam uthe ucabange ukuthi u-Andrew akekho  – kodwa uthe uma engena endlini wazithela phezulu kukamngani wakhe elenga ophahleni.

“Isidumbu naso ngabe sishile ngoba asikwazanga ukucima umlilo.”

USam uthe umngani wakhe kungenzeka ukuthi uzibulale ngoba unkosikazi wakhe, uSharon Bill, 26, emshiyile.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

 


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

UMbete uyinyathele emsileni kuShivambu

Emizuzwini eyi-21 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Scattered showers. Morning clouds. Mild. Pta: 16-24°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 13-19°C Showery. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 15-24°C Numerous showers. Partly sunny. Mild.
Dbn: 19-29°C Tstorms late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...