Uzifake shi ekukhulumeni uProfessor

2013-02-28 12:06

Durban - Kwenziwa olunye uphenyo ngesihlabani semculo we-kwaito kulandela ukugqoka kwakhe umfaniswano wamaphoyisa kaMasipala waseThekwini emcimbini wokuklonyeliswa kwabaculi amaMetro FM Awards, kusho iNational Prosecuting Authority (NPA) ngoLwesine.

Isihlabani somculo uMkhonzeni "Professor" Langa, uthweswe icala lokuzenza iphoyisa, elokutholakala nomfaniswano wamaphoyisa nelokuwugqoka nokungukwephula umthetho weSAPS wango-1995, bekulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi eThekwini ngoLwesine.

Kodwa, okhulumela iNPA uNatasha Ramkisson uthe: "Icala lifakwe kumshushisi omkhulu wabe esecela ukuba kwenziwe olunye uphenyo. Uphenyo lusaqhubeka, ngemuva kwalokho kuzobe sekwenziwa isinqumo sokuba ashushiswe noma cha.

ULanga wathamela ama-Metro FM Music Awards ngempelasonto, egqoke umfaniswano ofana nowamaphoyisa kamasipala waseThekwini.

NgoLwesibili waziyisa ngokwakhe emaphoyiseni.

USenior Superintendent Eugene Msomi uthe uLanga wathinta amaphoyisa kamasipala ngoMsombuluko ebusuku, wabe esenza isitatimende ngoLwesibili ekuseni.

Watshela amaphoyisa ukuthi uthathe umfaniswano kamzala wakhe, engamazisanga, ngoMgqibelo.

UMsomi uthe kuzokwenziwa uphenyo lwangaphakathi ngokuziphatha kukamzala kaLanga.

UProfessor uzovela ngoLwesine (namhlanje) eNkantolo yesiFunda eThekwini.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Unesi wakuleli ubizwe ngemfene phesheya

Emizuzwini eyi-7 edlule
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Showers early. More sun than clouds. Cool. Pta: 8-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-13°C Sunny. Cool.
Dbn: 11-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...